Awusibambanga ngani isandla sakho
Ukuthi singam'bulali (Oh singam'bulali)
Awuy'khuzanga ngani ingqondo yakho
Kwimcabango emibi (Oh emibi)
Awuyncenganga ngani inhliziyo yakho
Ukuthi imyeke imdedele ahambe
Buka manje bayizintandane
Abantwana bakhe bayosokola
Oh bayosokola
Engabe awuzisoli yini uma sebekhala
(Uma sebekhala)
Awuzisoli yini uma sebehlupheka
(Oh bayahlupheka)
Engabe awuzisoli yini uma sebehlukunyezwa
Ayi ayi emhlabeni kunzima
Bebethembe yena ukuthi uzobakhulisa
Bebebheke yena ukuthi uzobafundisa
Wabaphuca iksasa labo
Ubathathele ithemba labo
Kanti okonakele ngomlomo
Akulungiswa yin ngawo