Mamezala awuyek'ukungiphoxa uma ubon'abantu
Ungibiza ngevila uth'angihloniphi ngiyiyo yonke lento kuwe
Uma kunjalo awukhulumi ngani kahle?
Awungibonisi ngani njengengane yakho mamezala

Mamezala ngenzeni kuwe?
Bengingaz'ukuth'ukugana kubuhlungu kanjena
Ngazilaya ngazifak'emlilweni
Baqinisile uma bethi awuthunyelwa bhungane

Wadlala ngami mamezala ngenzeni kuwe?
Ngiyijwayele lemikhuba yokuphoxwa ngakuthi
Angizang'ukuzongana wena
Ngizogana indodana